Johnny Clegg & Savuka Vezandlebe Lyrics

Umfowethu uyahlupha -- angazi impela ukuthi uqonda ukwenzani
(My brother bothers me -- I really don't know what he's up to)
Umfowethu uyahlupha -- ukhuluma izinto engingazazi
(My brother bothers me -- he speaks of things I have never heard)
Umfowethu uyahlupha -- wenza sangathi uyangingcokolela
(My brother bothers me -- it's as if he is trying to put me down)
Umfowethu uyahlupha -- maka yeke ukungikhulumela kabi
(My brother bothers me -- he should stop talking behind my back)

Nakho-ke usetshela abangane bakhe
(There! he is telling his friends)
Anginguyena owalekhaya, ngiwakwa-next door
(That I am an illegitimate child, that I come from 'next door')

Chorus:
Elakwabani?
(Whose child is this?)
Elakwabani ivezandlebe
(Whose is this child with his ears sticking out?)
Selicwayisa amehlo livezandlebe
(It is blinking its eyes, this child of questionable origins)

Umfowethu uyahlupha -- sakhula naye saqudelana
(My brother bothers me -- we grew up together always competing)
Umfowethu uyahlupha -- ngamehlula njalo noma ngani
(My brother bothers me -- I always beat him in every way)
Umfowethu uyahlupha -- umdala kodwa ungathi usemncane
(My brother bothers me -- he is older than me but he never acts his age)
Umfowethu uyahlupha -- ngisuphotha ikhaya kodwa yena akanandaba
(My brother bothers me -- I send money home, but he doesn't care...)

Nakho-ke usetshela abangane bakhe
(There! he is telling his friends)
Anginguyena owalekhaya, ngiwakwa-next door
(That I am an illegitimate child, that I come from 'next door')

Chorus

Khuzani khuzani
(Admonish, admonish)
Khuzani, webaba noma
(Admonish him, Dad and Mom!)

Chorus

See also:

90
90.9
wiVern t here Lyrics
Pedersore Skottas Greta Lyrics